UZinhle Shabalala nguye oqokwe waba yinxusa lomjaho wokukhumbula nokuhlonipha iqhawe leLadysmith Black Mambazo, uJoseph “uMshengu” Shabalala.

Ukuqokwa kukaZInhle kuqinisekiswe yindodana kaMshengu endala, uThulani Shabalala ngesikhathi ekhuluma neMpempe muva nje.

Uthi bafuna ukuhlonipha uMshengu ngomjaho benzela ukuvula indlela yokukhuthaza abantu abasha ukuthi baphokophele phambili ngempilo bangangeni ezidakamizweni.

Bazonxuswa ukuba bakopele kuMshengu kwazise uhambo lwakhe esakhula aluzange lube lula neze njengoba ashonelwa nguyise eneminyaka engu-12.

https://impempe.com/sekuqokwe-inxusa-lomjaho-wokuhlonipha-umshengu-wemambazo/

leave a comment

© 2022 BJS Marathon. All Rights Reserved. Powered by New Time Marketing